Your Cart
Loading

Woza La

Woza La.


Ngi k' biza ng' phezulwe y' ntabeni ze Kwagga.


Ng' phakamisu k' bongu thando.


Ng' bongi mpilo, 

ng' bonga weno fundi mi bhalo yami.


Ng' bonga weno ngi fiseli mpumelelo.


Ng' bongu thando nalu thando lwakho.


Sondela ngi k' jabulise,

ng' phethi njabulo yakho.


Ng' phethu thando lwa ba nga sa phile nyameni,

thando lwa ba nga sekho, 

ba sase khona ngo moya.


Moya wabu si khanyiseli ndlela.


Ngabo nathi sibe ne mpilwe ncono.


Si philelu,

ku feza ma phupho,

si ku thembo kwethu.


S' philelu kwenza khono kwethu.


Si nga ku nyazo kwethu,

yi khono kwetho k' yo s' phumelelisa.


Nga fisu ku zenzi nto nge yona. 


Sozu jabuliswe ku zenzi nto nge yona.


Khohlwa yi leyo mpilo ya manga.


Phili mpilo ngiyo, 

mpilwe phuma,

phakathi kuwe.


Lento ngiyo wena,

iphakathi kuwe,

nga yi nyazi.


Nga yi bukeli phansi,

ngoba phandle kwayo,

ubu nyekhe ube se mhlabeni.


Phakathi kuwe,

kuna lento ze nayo.


Lento ku melu yenzu y' tjhiye mhlabeni.


Iyona ntwe phethi njabulo yakho leyo.


Yona nto y' philelayo leyo,

yona nto k melu y' feze,

ifezeke.


Phandle ko ku y' lwelu y' sebenzele,

sozi fezeke.


Soze kube lula,

kodu nga lahli themba,

yo phumelela.


Onga lahli thembu ya finyelela.


Banye bethu se be finyelele,

so hlezi si ba jabulela,

nathi so finyelela.


So finyelela ngo kwenza,

so finyelela ngo ku sebenza nzima.


Si sebenze si nga phumuli.


Si sebenze si nga bheke muva,

ngi tjho laphu bu mnyama bu si fikela,

s' ya phambili.


Ngo thando lwa ba nga sa phile nyameni,

s' ya phambili,

senzi ndleli ngekhwi ndlela.


Woza la, 

s' phutjhe le mpilo ngalu thando.